Isenkingeni injinga esencane yaseKZN

2011-07-19 13:32
Yabelani Shicilela

Durban - Usomabhizinisi osanda kwenza isiphihli sedili lokuzalwa okwakumenywe kulo osaziwayo bomdlalo iGenerations usenkingeni emuva kwesinyathelo seBhange loMbuso sokujuba abacwaningi mabhuku ukuthi babheke amabhizinisi akhe, kubika iphephandaba iSolezwe.

UJabulani Ngcobo, owaphumela obala ngokuba usozigidi, ungomunye wabanikazi benkampani i-Cash Flow Properties.

IBhange loMbuso lijube abacwaningi bamabhuku bakwaThabani Zulu and Co ukuba babheke ukuthi inkampani kaNgcobo ayikho yini imigomo eyiphulile.

UNgcobo, 26, wale nkampani ehweba ngamasheya, waqala ukwaziwa ngesikhathi enza isiphihli somcimbi wokuzalwa owathatha izinsuku ezimbili ehhotela lomntakabani iCoastland eThe Ridge eMorningside eThekwini.

Lapha wayememe osaziwayo bonke beGenerations abanye babo abathi kabamazi nakwamaDala eJudeni uNgcobo.

Uphenyo ngoNgcobo luqale emuva kokuvela ukuthi iCash Flow Properties ayibhalisile eBhangeni loMbuso.

Le nkampani, abanikazi bayo abazishaya isifuba ngokuthi inabantu abayinkulungwane abalondoloza kuyo, iqeqesha labo abafuna ukuhweba ngamasheya ezimakethe zezimali.

NgoMsombuluko inkampani yabacwaningi mabhuku ikuqinisekisile ukuthi ngesonto eledlule amahhovisi kaNgcobo aseshwa ngoba kunezinsolo zokuthi ikhona imithetho eyiphulile inkampani yakhe.

Umncwaningi mabhuku wale nkampani, u-Eckhard Volker, uthe bathole incwadi ebiphuma eReserve Bank ibanxusa ukuba baqale uphenyo ngamabhizinisi kaNgcobo.

Uthe ababange besachitha sikhathi bahlala amagqozo baphonsa imibuzo nabanye abantu abalondoloza imali kule nkampani.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolwimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...