Isangoma sishade ingane ena-13

2013-01-31 12:04

Johannesburg - Uhulumeni uthukile ngomshado obe phakathi kwesangoma thizeni saseLimpopo, esishade nengane ekuhlaza cwe, kusho umbiko wangoLwesithathu.

"Izenzo ezifuze lezi angeke zavumeleka, izingane zinelungelo lokunakekelwa, zivikelwe bese zifundiswa kunjalo zikhulele emakhaya aqotho," kusho okhulumela uhulumeni uPhumla Williams.

Iphephandaba iSowetan libike lathi isangoma esineminyaka engu-57 ubudala, sishade nengane eneminyaka engu-13 ubudala, enesifo sokuwa.

Indoda kuthiwa ishade nengane ithi izoyelapha kalula isifo sayo, uma iseduze.

Umama wengane uthi isangoma beselapha indodakazi yakhe, isikhathi esiyiminyaka emibili edlule, futhi yalulama ngendlela.

Uthi isangoma samtshela ukuthi abaphansi bafuna ahlale nengane ayigade, ngalokho ucela ukuyiganisa.

"Akukho esasingakwenza, saphoqeleka ukuthi sibaganise, ngoba besifuna ingane icebe. Samukela ilobolo lika-R5 000."

Umbiko wephephandaba uthi isangoma lesi saboshwa mhlaka-23 Januwari, ngemuva kokuthi sibikwe yilungu lomphakathi, ngobudlelwano baso nengane.

Icala labe selilhlehliswa ngesikhathi umndeni ukhetha ukubaganisa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...