Isangoma siboshelwe ukudlwengula
2012-10-02 08:39
Johannesburg - Kuboshwe isangoma saseSoweto ngoLwesibili ekuseni ngezinsolo zokudlwengula owesifazane obeye kusona eyokwelashwa, kusho amaphoyisa aseGauteng.
Le ndoda, 50, ibizele lo wesifazane emzini wayo ngoMsombuluko ekuseni ethi uzomgeza amabhadi ngenxa yokuthi wengamelwe yifu elimnyama, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela.
"Wabe eseyalelwa ukuba athenge inkukhu emhlophe wathi uma efika nayo yahlinzwa igazi layo lahlanganiswa namanzi nomuthi."
Lesi sangoma sase siyalela lo wesifazane, 37, ukuba ayogezela kwelinye igumbi, angazigqoki izingubo uma eseqedile.
"Sabe sesiya kuleli kamelo samtshela ukuthi uselaphekile. Kwathi kusenjalo samdubela samdlwengula," kusho uMakhubela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA