'Isangoma sibhubhudla umndeni wami'

2012-12-12 14:02

Johannesburg - Uthi uselala obenyoni owesilisa othi abafowabo bashona ngendlela engaqondakali, kanti manje u-Innocent Ndima uyasaba ukuthi naye angase afe.

UNdima, 35, uthi isangoma esinenhlizyo embi senza abafowabo imikhovu, kanti siyabasebenzisa ekutheni basebenzele sona.

UNdima, 35, wase-Ennerdale, eningizimu neGoli, utshele iDaily Sun ukuthi  lo wesifazane usanda kuba yisangoma, kanti ufuna ukumbulala ukuze adlondlobalise ibhizinisi lakhe.

“Abafowethu bashona ngendlela engacaci kuze kube yimanje, manje sengisele ngedwa. Ngiyasaba ukuthi nami ngingase ngife," eqhuba.

U-Innocent uthi umfowabo omdala uThabane wadutshulwa washona ngoJanuwari 2010 kwathi uKonke, wabulawa yisifo esasibukeka njengesokuwa kanti uSenzo yena wabulawa yisifuba ngonyaka odlule.

Uthi ngemuva kokushona kukaSenzo naye useqale uphupha kabi kanti kunezinto ezenzekayo angaziqondi.

Leli phephandaba libe nengxoxo nalesi sangoma esibe sesiyaziphebeza lezi zinsolo.

Sithe sikhathazekile ngoNdima.

Isangoma sikhala ngokusongwelwa nguNdima, nothumela imiyalezo yokuthi uzosibulala, asichaphe nangezinhlamba.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Rain late. Partly cloudy. Mild.
Jhb: 7-20°C Showery. More sun than clouds. Mild. Bloem: 0-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...