Isamba kozophuma nababulali bakaMkhize

2012-07-04 08:35

Durban - Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ka-R100 000 kulowo ozophuma nolwazi oluzoholela ekuboshweni kwalabo ababulala umholi wesifunda ku-ANC uWandile Mkhize.

“Imoto emhlophe yohlobo lweToyota Tazz/Conquest yabonakala ibaleka ngoForest Road eMargate ngemuva kokudubula,” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Vincent Mdunge.

“Kunezinsolo ezinzulu zokuthi abahlaseli babehamba ngale moto.”

UMkhize wadutshulwa washona esanda kubuya enkomfeni yemigomo ye-ANC eyayiseGauteng.

Noma ngubani onolwazi uyacelwa ukuba ashayele abaphenyi uWarrant Officer Gideon “Kasie” Carstens ku-039 688 2300 noma ku-071 481 2742 noLieutenant-Colonel Msizi Nyuswa ku-082 411 6024.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Sunny. Cool. Pta: 7-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-14°C Sunny. Cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 11-17°C More sun than clouds. Cool. PE: 6-13°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...