Iqola lisindiswe amaphoyisa kukubi

2015-10-05 14:32

Johannesburg - Osolwa ngokuqola abantu kuma-ATM usindiswe amaphoyisa kubathengi ebebesho ukumudla ephila enkabeni yedolobha lase-Uitenhage ngoMgqibelo ekuseni.

Umsolwa kuthiwa ubebamba inkunzi abathengi ebaphuca amakhadi abo asemabhange kwi-ATM, ngaseNcedo Taxi Rank, kubika iDailySun.

Umthengi ongu-Jennifer Joseph, 34, waseRosedale uthe: “Ngithumele ingane yami eneminyaka engu-17 ubudala ukuba ingikhiphele imali kwi-ATM ngezithuba zabo-09:00 ekuseni. Kodwa kwaqhamuka indoda ngemuva kwayo yazenza umuntu ofuna ukuyinika usizo. Wanikeza indodakazi yami ikhadi elidala ngaphambi kokuba anyamalale.”

Funda nalolu daba: Kushiswe umlimi waphinde wadlwengulwa

“[Indodakazi] ingitshele ukuthi ubegqoke isikibha esimnyama. Ngokuhanba kwesikhathi siye ebhange sathola ukthi sekukhishwe imali engango-R1 300 kwi-akhawunti yami. Ngesikhathi sesiseMall sibone le ndoda ivalelwe abantu ekhoneni, indodakazi yami imemeze kakhulu yathi uyena.”

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Office Gerda Swart uthe: “Kusolakala ukuthi ikhadi litholakale kuyena umsolwa. Ube esevalelwa wathweswa icala lokweba kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Uitenhage namhlanje ngoMsombuluko.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...