Iphume nemiphefumulo ingozi enyantisayo

2015-09-05 14:13

Johannesburg -  Kushone ingane nomuntu omdala engozini ehlasimulisa umzimba eyennzeke emgwaqweni wodumo uWilliam Nicol eGoli ngoMqgibelo ekuseni, ngokusho kombiko.  

Kule nhlekelele yengozi embandakanya itekisi nemoto enane kuphinde kwalimala nabanye abantu abangu-16.

Abezicishamlimo nabezimo eziphuthumayo baphoqeleke ukuba basebenze kanzima ukuhlenga impilo zabantu nalabo abebevaleke ngaphakathi etekisini.

Kukholwakala ukuthi itekisi nemoto encane zishayisane kwashunqa uthuli.

OLUNYE UDABA: I-ANC ifuna amaphenti enu - Umculi

Amaphoyisa neziphathimandla bathelekile endaweni yesigameko ngenhloso yokuzoqala uphenyo.  

Okhulumela abakwa-ER 24 uChitra Bodasing uthe:

"Sithole abantu abahlukene besabalelele endawenio yengozi, abanye baveleleke ngaphakathi.

Ngeshwa bekungasekho ebesingakwenza ukuhlenga ingane nomuntu omdala abashonile."

UBodasing uthe abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...