Iphoyisa lizibulale nonkosikazi walo

2011-05-30 10:20

Durban - Abaseshi base-KZN bayaphenya emuva kokubulawa kowesifazane, 35, nokusolakala ukuthi ubulawe umyeni wakhe oyiphoyisa noqede wabhekisa isibhamu ngakuyena wazibulala, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Kukholakala ukuthi uThembelihle Zulu noColonel Ntokozo Zulu babe nengxabano emzini wabo oseWybank ngasePinetown izolo.

Kusolakala ukuthi uNtokozo, 41, ube esekhipha isibhamu sakhe somsebenzi wadubula wabulala unkosikazi wakhe.

Kukholakala ukuthi ube esebhekisa isibhamu ngakuyena wazibulala.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Thulani Zwane uthi bobabili bebedubuleke ekhanda kanti bashonele khona endaweni yesehlakalo.

"Amaphoyisa avule icala lokubulala. Akuboshwanga muntu."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-25°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 13-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...