Iphoyisa lizibulale nentombiyalo

2011-07-14 14:08

Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape athi iphoyisa eliyirisevu, 30, ludubule labulala intombi yalo lase lizibulala nalo ngaseMthatha.

"Amaphoyisa afike emzini waleli phoyisa kuTsolo ngehora lesihlanu ntambama ngoLwesithathu athola izidumbu ezimbili zidindilize phansi," kusho uLieutanent Colonel Mzukisi Fatyela.

Uthi bobabili bebedubuleke emzimbeni kanti isibhamu somsebenzi saleli phoyisa sitholakale eduze kwalezi zidumbu.

"Okwamanje asikayazi imbangela yalesi sigameko," kusho uFatyela.

Leli risevu belisebenzela esiteshini samaphoyisa esikuTsolo, kanti belihlala nentombi yalo, 28, neliyibulele.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolwimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...