Iphoyisa lizibulale nengoduso yalo eKZN

2011-09-29 07:51
Yabelani Shicilela

Ulundi - Kwenzeke into engajwayelekile emigaqweni yaseMnambithi ngesikhathi iphoyisa livuka umbhejazane lidubula kwani ephambi kwalo, nalo lagcina ngokuzibulala.

USthembiso Mazibuko, 28, obesebenzela iLadysmith police tactical response team udubule ingoduso yakhe uSthembiso Ngubane, 18, amahlandla ayisishiyagalombili ngesibhamu somsebenzi ngaphambi kokuthi ahambe edubula noma ngubani ahlangana naye endleleni.

Emuva kokubulala ingoduzo yakhe ngezithuba zawo-2:00 ube eseya esiteshini samaphoyisa wadubula elimaza amanye amaphoyisa.

Akagcinanga lapho, ube esephumela ngaphandle wadubula abantu abebezihambela benganake lutho, kanjalo nezimoto ebezimi emgaqweni.

Ube esephindela eflethini lakhe nokuyilapho ezidubule khona.

Okhulumela amaphoyisa aseMnambithi uKaputeni Charmaine Struwig uthe amaphoyisa athole uMazibuko ngaphandle kweflethi lakhe amuphuthumisa eLa Verna Hospital, nalapho ephelele khona.

Kusolakala ukuthi uthole ukuthi ingoduso yakhe ineshende.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...