Iphoyisa lisolwa ngokuzalisa isiboshwa

2015-09-16 13:36

Polokwane – Iphoyisa lasePolokwane elaboshwa ngesonto eledlule ngemuva kwezinsolo zokudlwengula isiboshwa, 22, kuthiwa lakhulelisa esinye isiboshwa, 19, elasidlwengula ngo-2011.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uGrace Langa uthe kusolakala ukuthi zombili lezi zigameko zokudlwengula zenzeka ehhovisi laleli phoyisa elisesiteshini samaphoyisa esiseSeshego.

“Njengoba siqhubeka nophenyo, kusolakala ukuthi umsolwa wadlwengula esinye isiboshwa ngo-2011,” kusho uLanga.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lisolwa ngokudlwengula umfana

“Kusolakala ukuthi amanye amaphoyisa azama ukugqiba isigameko sokuqala ngokuthi angazithathi izitatimende kofakazi, kwangathathwa ngisho namagazi.”

Kuthiwa lo wesifazane owadlwengulwa ngo-2011 wabe esekhulelwa, wabeletha ingane ngasekupheleni kwawo lowo nyaka.

ULanga uthe i-Ipid izolivula kabusha icala lango-2011, bese leli phoyisa, 51, linqatshelwa ibheyili uma selivela enkantolo ngomhlaka-29 Septhemba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...