Iphoyisa lisolwa ngokudlwengula umfana

2012-11-29 07:39

Cape Town - Likhalelwe ngamasongo kaSigonyela iphoyisa laseWestern Cape elisolwa ngokudlwengula umfana, 14, eWorcester, kusho i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Leli phoyisa alisebenzela esiteshini esiseWorcester, liboshwe ngoLwesibili ngaleli cala elenzeka ngoJuni 30, kusho okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini.

Lo mfana wayeyedwa ekhaya lakhe ngesikhathi ehlaselwa njengoba umama wakhe wayesebenza ebusuku.

“Ingane yezwa kungqongqoza umuntu emnyango, yase iya kamakhelwane iyocela usizo, wathi umakhelwane ayihlale phansi uyena obengqongqoza. Kuthiwa wabe eseyidlwengula," kusho uDlamini.

Umsolwa uzovela ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yaseWorcester.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-17°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-27°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...