Iphoyisa lisenkantolo ngelokugqekeza

2011-02-09 16:48

Johannesburg - Iphoyisa elisolwa ngokuba yingxenye yokugqekeza e-ballistics laboratory livele kancane eNkantolo yeMantshi yaseBhayi, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Icala likaSergeant Tando Tshazibana lihlehliselwe uLwesihlanu ukuze kuzokhishwa isinqumo ngesicelo sebheyili asifakile, kusho uWarrant Officer Christopher Else.

UTshazibana, 42, ubhekene necala lokwakha itulo lokuhlela ukugqekeza kuhlonyiwe nelokudalula imininingwane ngendawo engavunyelwe.

Amadoda amahlanu angena esakhiweni sase-Eben Donges eNorth End ngeSonto ebusuku, ngoJanuwari 9 bathumba onogada. Bakwazi ukucisha i-alarm base bengena kule-laboratory.

Leli qeqebana laya lapho kuhlolwa khona ukutshezi lwabantu, ulibofuzo nokunye.

Akulimalanga muntu kulesi sigameko kanti amaphoyisa aqagula ukuthi lezi zigilamkhuba bezifuna i-laboratory yamakhemikhali kuloandela ukubhaqwa kwezidakamizwa ezazivela eBrazil.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bopha Bhakabhaka, kusho undunankulu

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...