Iphoyisa lilahlwe yicala lokweba

2013-01-29 10:03
Yabelani Shicilela

Durban - Lowo owayeyiphoyisa uConstable Sizwe Ndlovu ulahlwe yicala lokuduna iloli eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu.

Leli phoyisa elalisebenzela esiteshini esise-Alexandra lilahlwe yicala lokugebenga umshayeli weloli uSimlindile Lawana limkhombe ngesibhamu ngo-Agasti 2010.

Inkantolo itshelwe ukuthi uLawana wayese-Ashburton esendleleni eyodiliva imikhiqizo yakwa-Unilever yenani lika-R273 000.

UNdlovu wayehamba ngemoto yamaphoyisa, wamisa iloli kaLawana, wabe esephucwa impahla neloli.

Izimpahla ezebiwa zatholakala emzini kwaMpande kwathi iloli yatholakala eMpophomeni ngosuku olulandelayo.

IMantshi uMpume Linda uthe ubufakazi ubethulwe nguNkosenhle Goodenough Ndlovu (umalume), nogweba iminyaka eyisishiyagalolunye ngecala elifanayo, bebubalulekile.

Wayenalo iphoyisa ngelanga lesigameko, kanti umalume walivuma icala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...