Iphoyisa likamasipala ezinsolweni zokubulala
2012-12-07 14:41
Johannesburg - Isikhulu smaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni uHlula Msimang, uvele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eWynberg, mayelana nezinsolo zokubulala.
Uphiko i-Independent Police Investigate Directorate (Ipid), lukhiphe umbiko ngoLwesihlanu.
"Icala lilhlehliselwe umhlaka 8 Febhuwari, kuze kuzokwenziwa izethulo kwabeNational Director of Public
Prosecutions," kusho okhulumela i-Ipid, uMoses Dlamini.
"Bafuna icala liguqulwe kungabi ngelokubulala, kodwa kwenziwe uphenyo."
UDlamini akakhiphanga imininingwane eminingi ngecala.
Iphephandaba i
The Star libike lathi icala lihlobene nesehlakalo sokudubula esenzeke eGoli ngenyanga eyedlule.
Umkhulumeli wemeya uZweli Dlamini utshele iphephandaba wathi umsolwa akakamiswa emsebeznini.
"Uyasebenza. Akakathweswa macala," kusho uDlamini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA