Iphoyisa lidubule obezama ukuliphuca isibhamu

2013-02-18 12:03

Johannesburg - Iphoyisa lidubule lalimaza umlisa wase-East London, kusho uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), ngoMsombuluko.

Okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini uthi indoda lena idutshulwe esiswini ngeSonto, lesi sehlakalo senzeke ngesikhathi amaphoyisa ejaha isigebengu.

"Iphoyisa livinjwe ngamadoda amane ngesikhathi lijaha obesolwa ngokugqekeza, bazame ukuliphuca isibhamu lase lidubula kwaba kane."

Iphoyisa libe selibaleka lafike labika isehlakalo, ngesikhathi libuya namanye amaphoyisa, bazithele kwi-ambulensi ebithwele umlisa odubuleke esiswini.

Umlisa odubulekile, ungomunye walaba abazame ukuvimba iphoyisa.

Amaphoyisa asevule icala lokushaya nelokucekela phansi impahla, abophiko i-Ipid bayaphenya.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-16°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Bloem: -1-13°C High level clouds. Cool.
Dbn: 10-11°C Numerous showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 7-15°C a few showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...