Iphoyisa lidubule intombi, lazibulala

2012-12-27 14:32

Johannesburg - Iphoyisa lizame ukubulala intombi yalo ngaphambi kokuthi lizibulale, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Leli phoyisa, 26, kuthiwa libonakale liba nengxabano nentombi yalo, 21, endaweni yokucima ukoma eModimong ngaseTaung, kusho okhulumela amaphoyisa u-Amanda Funani.

Ube esehamba kule ndawo nalo wesifazane baya ehlathini.

Owesifazane ube esetholakala ngemuva kwesikhathi eboshelwe esihlahleni ngozankosi edutshulwe esinqeni.

Isidumbu sephoyisa sitholakale budebuduze nale ndawo njengoba kukholakala ukuthi lizibulele.

Owesifazane uphuthunyiswe eTaung Hospital.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izaguga zithi u-R90 awuwenzi umehluko

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C High level clouds. Mild. Pta: 15-19°C Lots of rain. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-18°C Rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-22°C a few showers. More clouds than sun. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 19-26°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...