Iphoyisa libulale elinye eBrakpan

2013-02-12 08:35

Johannesburg - Litholoza esitokisini iphoyisa elingumseshi eBrakpan ngemuva kokungqokloza ngesibhamu libulale iphoyisa lesifazane likaMasipala waseKurhuleni ngezithuba zawo-20:00 ngeSonto.

Ilungu leSouth African Police Service beliboshelwe izinsolo zokushayela lidle amanzi amponjwana eBrakpan kanti beliyiswa esibhedlela ukuyothathwa igazi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kubika iSowetan.

Iphoyisa likamasipala uPopi Simphiwe Maseko ubehleli esihlalweni somshayeli ngesikhathi iphoyisa elingumsolwa lingeniswa ngemuva.

Akucaci kahle ukuthi kwenzeke kanjani, kodwa kusolakala ukuthi iphoyisa ebeliboshiwe lihoshe isibhamu ladubula uMaseko ekhanda.

UMaseko, 27, ube esephelela endaweni yesigameko.

Umsolwa ugqunywe esitokisini esiseBrakpan kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseBrakpan ngoLwesibili.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Abesilisa bakhumulise owesifazane erenki

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-31°C Sunny. Warm. PE: 11-29°C High level clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...