Iphoyisa libhekene namacala angu-15 okudlwengula
2012-10-16 16:20
Johannesburg - Iphoyisa elibhekene namacala angu-15 okudlwengula, lizovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eRandburg, ngoLwesithathu, kusho uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-Independent Police
Investigative Directorate.
Leli phoyisa elineminyaka engu-30 ubudala, laboshwa maphakathi nenyanga kaJulayi, libhekene namanye amacala okuzama ukudlwengula, kusho okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini.
Umsolwa wake wazama ukufaka isicelo sebheyili nokho inkantolo yanqaba, amacala kuthiwa wawenza e-Olifantsfontein naseTembisa.
Akukacaci ukuthi amacala waqala nini ewenza.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).