Iphoyisa kwelokweba imfuyo e-E Cape
2013-01-24 12:03
Johannesburg - Isikhuni sibuye nomkhwezeli ngesikhathi iphoyisa lase-Eastern Cape lilahlwa yicala lokweba imfuyo eNkantolo yeMantshi yaseMthatha, kusho iNational Prosecuting
Authority (NPA) ngoLwesine.
ULieutenant Colonel Thembinkosi Mthengana kuthiwa akahlawule u-R10 000 (noma achithe izinyanga ezingu-20 ejele) ngokweba inkomo eMthatha ngo-2007, kusho okhulumela i-NPA e-Eastern Cape
uLuxolo Jali. Unikezwe kuze kube uFebhuwari 28 ukuba akhokhe le mali.
UMthengana ubesebenza ngaphansi kophiko olulwisana nokwebiwa kwemfuyo ngaphambi kokuyoba ngukhomishana wesiteshi samaphoyisa eFlagstaff.
"Amaphoyisa akumele nakancane ayamaniswe nezigameko zobugebengu," kusho uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu nezokuPhepha esifundazweni uHelen Sauls-August.
"Lokhu kubeka engcupheni umsebenzi wamaphoyisa," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA