Iphoyisa kwelokuphanga nokudlwengula

2012-07-17 14:06

Pretoria - Iphoyisa laseRandburg livele enkantolo ngamacala okuphanga nokudlwengula, kushi uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ngoLwesibili.

Okhulumela lolu phiko uMoses Dlamini uthe uConstable Moloko Kartos Molekwa, 30, uvele eNkantolo yeMantshi yaseHammanskraal neyaseRandburg, kokubili ngoMsombuluko, ngamacala amibili okudlwengula nelilodwa lokuphanga.

"Lezi zinkantolo zikhiphe umyalelo wokuba agqunywe esitokisini. Kungenzeka abhalisele ibheyili uma esevela enkantolo ngesonto elizayo," kusho uDlamini.

NgoMsombuluko ekuseni, uMolekwa uvele enkantolo eHammanskraal ngecala okusolakala ukuthi walenza ngoJulayi 8, nalapho esolwa ngokudlwengula intombazane nabanye ababili ayehamba nabo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...