Iphoyisa kwelokudlwengula abangu-14

2013-01-30 12:03

Johannesburg - Ngemuva kwezinyanga ezingu-13 iNkantolo yoMthethosisekelo yathola ukuthi uMnyango wezamaPhoyisa kumele uthwale icala ngokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka engu-13 ubudala, eyadlwengulwa yiphoyisa, sekuvele elinye futhi iphoyisa nalo ekuthiwa lidlwengulile.

Kulokhu, akayedwa odlwenguliwe, iphoyisa leli libhekene namacala angu-14 okudlwengula, ekuthiwa lawenza lisemsebenzini.

UConstable Mokolo Molekwa, ubhekene namanye amacala angu-14 okuthumba nayisishiyagalolunye okubamba inkunzi.

Umbiko wezindaba zePretoria News, uthi amacala enziwa ngo-2011.

Abangu-12 ekuthiwa badlwengulwa, kukholakala ukuthi badlwengulelwa eKurhuleni naseGoli kanti oyedwa wadlwengulelwa eHammanskraal.

Amacala omsolwa ahlanganisa nelokuzama ukudlwengula, elabikwa eLimpopo.

Kwesinye isehlakalo, amantombazane amabili athathwa ngemoto yamaphoyisa, eyodwa yase idlwengulwa nguMolekwa, ngakusasa yavula icala emaphoyiseni.

Ngaphambi kwalesi sehlakalo, intombazane yaseLimpopo yavulela uMolekwa icala ithi uzame ukuyidlwengula, nokho wadedelwa ngemuva kokuthi ummangali ehoxise icala.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Amaphoyisa adubule abulala umsolwa eGoli

Emizuzwini eyi-51 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...