Iphoyisa eliyivolontiya lizidubule nezingane

2013-02-28 16:21
Yabelani Shicilela

Johannesburg – Iphoyisa eliyivolontiya eSpringbok, lidubule labulala izingane ezimbili ngaphambi kokuthi libhekise umbhobho wesibhamu ngakulo nalo lizingqokoze lizibulale, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape.

Ngokusho kukaLieutenant Colonel Donald Mdhluli, uConstable Phillip Collins, ubesemsebenzini ngesikhathi kwenzeka lokhu, kuthiwa ufonele esiteshini washo ukuthi usedubule wabulala izingane zakhe ezimbili, wathi usezozibulala yena.

Amaphoyisa anikele emzini wentombi kaCollins, la kutholakale khona izidumbu.

Izingane okungo-Anthony Pascal Cloete, 16, noMary-Ann Justine Cloete, 13, baficwe sebebanda.

UMdhluli uthi akwazeki noma uCollins ubezizala yini lezi zingane, amaphoyisa ayaphenya.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...