Iphoyisa eligulayo libophe iqola esibhedlela

2013-01-23 10:04

Durban - Ngisho ukugula okumlalise esibhedlela akumvimbanga usayitsheni ukuthi abophe utsotsi obezama ukuqola abantu esibhedlela iMidlands Medical Centre.

USergeant Nithia Peter olaliswe kulesi sibhedlela, ubophe utsotsi oyedwa kwababili abaqole isiguli umakhalekhukhwini waso.

UPeter udele izinhlungu wajaha izigelekeqe lezi, ekade zizama ukubaleka.

“Bengingaphathekile neze kahle, kodwa ngizitshele ukuthi kumele ngibabambe kuze bangaqhubeki nomkhuba wabo wokuqola abantu,” kusho uPeter.

UPeter wangeniswa esibhedlela ngoMgqibelo, kuthe ngoMsombuluko ephaphama esezinhlungwini wabona amadoda amabili emi eduze nombhede wesiguli esineminyaka engu-17 ubudala.

Laba batshele isiguli ukuthi sizodedelwa esibhedlela, bathi asibanike iselula kuze bezokwazi ukuthola imininingwane ethile.

“Basuke embhedeni womfana badlula ngakimi bathi 'Mnumzane uPeter'. Bengingababoni kahle kodwa bona bengibona, bobabili ngababopha ngo-2011."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...