Iphelelwe yisithunzi iCosatu - Shivambu

2012-11-19 16:31

Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu angeke uphinde ubuyelwe yisithunzi, kusho loyo owabe engumkhulumeli wophiko lwentsha ye-African National Congress uFloyd Shivambu, ngoMsombuluko.

"ICosatu ibukeka sengathi ilahlekelwe yisithunzi sayo ngenxa yoqhekeko olukhona, angeke futhi siphinde sibuye lesi sithunzi," kusho isitatimende sikaShivambu, ekhulumela abazibiza ngabalwela inkululeko yezomnotho.

Usho kanjena ngesikhathi ephundula inkulumo kaMengameli weCosatu, uSdumo Dlamini, okhulume wathi kumele uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe angavumi ukungenela umbango wesikhundla sikamengameli.

UDlamini usho kanjena ekhuluma KwaZulu-Natal, emhlanganweni obubanjwe ngeSonto.

Enkulumweni uyakhe uthe kumele uMotlanthe angalinge azithele ngehlazo azame ukuncintisana noMengameli uJacob Zuma, emhlanganweni wokuqokwa kobuholi be-ANC eMangaung.

"Kuwubudedengu ukuthi iCosatu ingethula izinkulumo emhlanganweni osingethwe ngokokucwasa ngokobuzwe, nosingethwe ngokwesaba umuntu othize....."

UShivambu uthe iCosatu isiphenduke umlomo weSA Communist Party - ehlukene phakathi, ezama ukuvikela inkohlakalo engenise eNingizimu Afrika.

"Umbutho unika wonke umuntu ilungelo lokuqoka nokuqokwa. Kukaningi uMotlanthe eveza ukuthi ngamalungu ka-ANC emagatsheni ayoziqokela wona ubuholi."



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...