Inyanga "impimpe" owesifazane obulale isoka lakhe
2015-07-15 13:37
Klerksdorp – Umelaphi wendabuko usize amaphoyisa
athungatha abopha owesifazane waseKanana eKlerksdorp osolwa ngokudlisa isika
lakhe ushevu maqede walishisa laze lashona.
Amaphoyisa aseNorth West athe
lona wesifazane oneminyaka engu-64 ubudala ukhalelwe amasongo kaSigonyela
ngoLwesibili kusihlwa.
“Ngokolwazi esilutholile umsolwa waya enyangeni
ukuyofuna umuthi angawunika isoka lakhe ukuze liye kwagoqanyawo, kodwa inyanga
yamtshela ukuthi ayinawo umuthi walolu hlobo akaphinde abuye ngelinye ilanga,”
kusho isitatimende samaphoyi.
Isitatimende siqhuba ngokuthi umsolwa wabuyela
emzini wakhe wadlisa isoka lakhe ushevu kodwa langafa, “wabe eselithungela
ngomlilo lasha laze lashona.”
OLUNYE UDABA: Bazobuyela ekhaya abanye kwababoshwe eChina
Amaphoyisa
aqhuba ngokuthi umsolwa ngemuva kokushisa isoka lakhe wathatha isidumbu wasifaka kuplastiki wasifihla egaraji.
“Wabe
esebuyela enyangeni wayitshela ukuthi ufuna ukuthathatha umufi ayomtshinga
emfuleni.”
Amaphoyisa ananela ngokuthi yilapho ke lo melaphi wendabuko axhumana
nawo wawabikela ngalesi sigameko.
Igama lo mufi langempela belingakatholakali kodwa
kukholwakala ukuthi ungowaseNamiba ngokuzalwa.
Umsolwa uzovela eNkantolo
yeMantshi yase-Orkney ngoLwesine.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24