Inyama yembuzi neyehhashi ekudleni kwakuleli
2013-02-26 16:19
Johannesburg - Inyama yembuzi neyehhashi, ngenye yenyama ekutholakale ukuthi iyasetshenziswa ukuthaka amasoseji, umqwayiba, ama-burger kanjalo neMince Meat, kusho ucwaningo olwenziwe eStellenbosch University.
"Kukhona nenyama engachazeki ukuthi ngeyani, nayo ekuvele ukuthi iyafakwa,” kusho umbiko wabacwaningi.
"Ucwaningo luthi ilinganiselwa ku-68% iSoya, inyama yembuzi, eyehhashi kanye ne-water buffalo, etholakale kwi-minced meat, ama-burger, amasoseji kanye nomqwayiba.”
Abacwaningi bathi okubhalwe ngaphandle emaphakatheni enyama, akusilo iqiniso futhi abantu abatshelwa zonke izithako.
Lolu cwaningo lushicilelwe kwiFood Control Journal, kanti beluqhutshwa ngudokotela uDonna-Maree Cawthorn noSolwazi uLouw Hoffman.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).