Intshebe imbulalise ngabantu
2012-08-08 14:06
Johannesburg - Umlisa mumbe waseVentersdorp oyiSulumane ushaywe wabulawa ngabantu ababili abaqale ingxabano naye bemchukuluza ngentshebe yakhe, kusho okhulumela umndeni.
UMohammed Fayaaz Kazi, 27, ubehamba nomngani kayise u-Anser Mahmood ngesikhathi ehlaselwa esesitolo esithengisa inkukhu echochombisiwe kwaChicken Licken.
"Abelungu ababili bamqalile bambiza ngo-Osama bin Laden, bekhuluma ulimi lwesiBhunu baphinda basibiza ngamakhafula," kusho uMahmood.
"UFayaaz uyasazi isiBhunu, ube esexabana nabo."
Laba babe sebexoshwa ngaphakathi esitolo, ngaphandle kube sekuqhubeka ingxabano ephethe ngokuthi kushaywe laba ababili.
"Bangishaya ngokuthize ekhanda ngaquleka, bashaya noKazi. Akukho noyedwa owasilekelela."
UKazi washonela esibhedlela ngoMsombuluko, wafihlwa ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Thulani Ngubani, akatholakalanga ukuthi aphawule ngalolu daba.
UBin Laden ngumsunguli weqembu lamaphekula i-al-Qaeda elisolakala ngezehlakalo eziningi zokubulawa kwabantu nokuhlasela.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).