Intombi kamsolwa ithi yayikhona kubulawa izelamani

2013-02-05 10:02

Johannesburg - Owabe ethandana nsomsolwa oyedwa kwababili abhekene necala lokubulala izelamani zaseNorthcliff, eGoli, usephumele obala wathi wabe ekhona ngesikhathi zibulawa, kusho umbiko wephephandaba iThe Star.

Owesifazane okumanje ungufakazi woMbuso, wabe ethandana nomsolwa uPaul Mundel, kusho umbiko wephephandaba.

Izelamani uGary Smith noKaren Buchanan, babulawa ngesihluku besekhaya kubo, ngoMashi 2008.

Laba bakopolotwa amehlo, bakhunyulwa amazinyo, kwathi uBuchanan wadlwengulwa, base bedutshulwa bobabili.

Abasolwa uMundel noKenneth Schroder, babhekene necala lokubulala, ukudlwengula, ukubamba inkunzi kanye nokutholakala nesibhamu.

Ebufakazini obuhanjiswe enkantolo, ufakazi uthi umsolwa ubemhlukumeza, uthi wafika kuye ngemuva kwesikhathi esingaba unyaka kwenziwa icala, uthi wamthumba izinsuku emdlwengula ezama ukumsabisa ethi engatsheli muntu ngalokhu okwenzeka.

UMshushisi uthi ngokusho kukafakazi, izelamani zabulawelwa iziqhumane ezabe zifunwa ngabasolwa.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...