Inqwaba yothisha namacala ahlobene nocansi
2012-12-10 10:04
Johannesburg - Onyakeni usuwonke ka-2012, bangu-70 othisha abaphenywe ngamacala ahlobene nocansi nabafundi, kusho abakwaSouth African Council of Educators (SACE).
Kusukela ngenyanga ka-Ephreli, bangu-12 othisha abasuliwe kulo mkhakha.
Okhulumela iSACE uThemba Ndhlovu uthi angeke basho ukuthi zenzeka kuphi kakhulu lezi zigameko, uthi kunezifundazwe ezingabiki konke okwenzekayo.
EGauteng, kusanda kumiswa uthisha osolwa ngokubukisa izingane i-video yocansi, wase edlwengula eyodwa. Kulesi sifundazwe angu-31 amacala abikiwe.
Othisha abane batholakala benamacala, oyedwa kubo waxoshwa, omunye wamiswa emsebenzini, wangaholelwa wayalelwa nokuthi ayokwelulekwa.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uCharles Phahlane, uthi angu-27 amacala adluliselwe ekomidini lokuqondiswa kwezigwegwe.
Okhulumela iCommission for Gender Equality uJavu Baloyi, uthi kuyashayisa amahloni ukuthi ezinye zezehlakalo zenzeka ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso we-16 Days of
Activism for No Violence Against Women and Children.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24