Inqwaba yezidumbu ezingaziwa eKZN
2012-09-03 16:39
Durban - Zilinganisela ku-400 izidumbu ezingahlonziwe ezigcinwe emakhazeni kahulumeni esifundazweni saKwaZulu-Natal, kusho umbiko wephephandaba iDaily News, ngoMsombuluko.
Imibiko yephephandaba ithi izidumbu zigcinwe emakhazeni kahulumeni angu-41, azaziwa ukuthi ngezobani, kuphinde kube khona nabanye abangu-125 abaziwayo abashonele esibhedlela iFort Napier eMgungundlovu.
Oseqenjini leNkatha Freedom Party u-Usha Roopnarain uveze ukuthi kunezidumbu esezihlale eFort Napier kusukela ngenyanga kaDisemba.
Ikomidi leqembu lihambele amakhaza ngesonto eledlule, kuthiwa ngenxa yokugcwala izidumbu sezilaliswe esinye phezu kwesinye.
Umthetho uthi izidumbu ezingahlonziwe kumele zingcwatshwe nguhulumeni esikhathini esiyizinsuku ezingu-30.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).