Inobandlululo inja elume umntanami - Umama

2013-02-25 12:04

Johannesburg - Umama wengane eneminyaka eyisikhombisa ubudala, elunywe yinja eHoneydew enhla nedolobha laseGoli, uthi ukholwa wukuthi inobandlululo inja elume umntanakhe.

UPam Nkosi uthi indodakazi yakhe ibidlala nezinye izingane, ngesikhathi ihlaselwa yinja iyiluma, uthi umnikazi wengcanga uSean Norman namanje akaze afike ukuzobona ingane noma ezwe ukuthi iqhuba kanjani empilweni.

Uthi uNornam akaze alekelele ngisho nangezindleko zokwelashwa kwengane, kusho umbiko wephephamdaba iSowetan.

"Abosizo lokuqala bathi asithole imininingwane ngokugonywa kwenja kodwa umniniyo waba nenkani, ngemuva kokungenelela kwamaphoyisa, sathola ukuthi kunomjovo eyaweqa," kuchaza uNkosi.

UNkosi uthi uNorman uyakuphika ukuthi inja yakhe ilume umntanakhe.

"Uthi ingane ilunywe ngenye inja, wabuye wathi ingane yawa, kodwa abahambisi bosizo oluphuthumayo bakuqinisekisa ukuthi ingane ilunywe yinja," kusho uNkosi.

UNorman walile ukuphawula ngesikhathi ebuzwa yiphephandaba.

Okhulumela abakwaSPCA uTarryn Smith akafunanga ukuchaza ngezinsolo ezithi inja onobandlulo, wathi kuyenzeka inja iziphathe ngendlela ethile ngenxa yesimo ekhulela ngaphansi kwaso.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngathengela uMeyiwa iKFC - Khune

Emizuzwini eyi-25 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...