Inkantolo izonquma ngesicelo seDA ngoZuma

2012-11-22 08:25

Johannesburg - INkantolo eNkulu yaseWestern Cape kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo mayelana nesicelo esifakwe yiDemocratic Alliance sokuthi kuphoqwe iPhalamende ukuthi lidingide ngoMengameli uJacob Zuma, iqembu elithi alisenakho ukumethemba njengomholi.

Umholi we-DA ePhalamende uLindiwe Mazibuko wenza lesi siphakamiso ePhalamende, ethi amaqembu kumele adingide aphinde avotele ukukhipha uZuma esikhundleni sakhe, isiphakamiso wasenza mhlaka-8 Novemba.

I-DA ithi kusukela uZuma athatha izintambo izwe likhungethwe yizehlakalo zenkohlakalo, kwakhula izinga labantu abangasebenzi, umnotho wafadalala kwaphinda kwehla nezinga lemfundo.

Iqembu lacela ukuthi kuphoqwe umkhulumeli wePhalamende uMax Sisulu ukuthi anqume ukuthi kudingidwe ngodaba oluthinta uZuma, ngokushesha.

NgoLwesithathu i-African National Congress ePhalamende ithe ayinqabi ukuthi kudingidwe ngoZuma, nokho yathi lokhu kungakwazi ukwenzeka kuphela ngonyaka ozayo, njengoba iPhalamende linezinhlelo eziningi elizihlelile.

Inkantolo kulindeleke ukuthi yenze isinqumo ngoLwesine.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...