Inkantolo izonquma ngobuholi base Free State

2012-12-13 16:36

Johannesburg - INkantolo yoMthethosisekelo kulindelekele ukuthi ngoLwesihlanu ikhiphe isinqumo esicelweni esifakwe ngamalungu e-African National Congress ayisithupha.

Isicelo safakwa nguMpho Ramakatsa namanye amalungu amahlanu afuna kuhlakazwe ubuholi beqembu obuphezulu esifundazweni.

Kwenzeka konke lokhu nje, kusele izinsuku ezintathu kuyiwe okhethweni lwezikhundla eMangaung.

Amalungu lawa athi ukhetho lokuqokwa kobuholi olwabanjwa esifundazweni ngenyanga eyedlule aluhambanga ngendlela.

Inkantolo yatshelwa ukuthi ayinqume ukuthi lokhu okwenzeka eFree State, akulungile futhi kumele kugwenywe nangesikhathi esizayo.

I-ANC izobamba ukhetho lokuqokwa kwabaholi abayisithupha abaphezulu, kuzwelonke.

Ukhetho lubhekwe ngabomvu njengoba uMengameli wezwe uJacob Zuma nePhini lakhe uKgalema Motlanthe bezobanga esobengameli.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UTutu ufuna kwesekwe ababhikishi

Emizuzwini eyi-12 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-19°C Showery. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...