Inkantolo ivune owaxoshwa eyothwasa

2012-10-19 10:04

Johannesburg - Ukungenelela kweNkantolo yokweDlulisa amaCala abaSebenzi kuholele ekutheni abuyiselwe emsebenzini owesifazane othi "ubehlushwa yidlozi", nowaphoqeka ukuthi ahlale ekhaya isikhathi esiyinyanga, ngaphandle kwemvume yomqashi.

Amajaji amathathu enkantolo, athe lesi sinqumo siyinto entsha, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.

UJohannah Mmelodi wabe esesebenze kwaKievitskroon Country Estate, iminyaka eyisishiyagalombili, washiya phakathi umsebenzi wayothwasa, ngesikhathi ehamba wabe engavunyelwanga emsebenzini ukuthatha ikhefu.

Yize noma umqashi anqaba ukumnika ikhefu, washiya ngenkani incwadi ephuma esangomeni egunyaza ukuthi ayothwasa, incwadi yabe ichaza ukuthi "uhlushwa kambi ngabaphansi".

Esebuya emsebenzini, wabizelwa ngaphambi kwekomidi lokuqondisa izigwegwe, watholakala enecala waxoshwa.

UMmelodo wadlulisa icala lokuxoshwa kwakhe kwabakwa-CCMA, abathola ukuthi uxoshwe ngokungekho emthethweni, banquma ukuthi abuyiselwe emsebenzini.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...