Inkantolo imise ukudilizwa kwezindlu

2012-11-12 14:02

Johannesburg - Incwadi ekhishwe yinkantolo iveza ukuthi akumiswe ukucekelwa phansi kwemizi okuthiwa yakhiwa ngokungekho emthethweni eLenasia, nokungumhlaba woMkhandlu waseGoli, kusho iSA Human Rights Commission ngoMsombuuko.

Okhulumela le khomishana u-Isaac Mangena uthe iNkantolo eNkulu yaseGoli isamukele isicelo sekhomishana, sokuthi kumiswe ukudilizwa kwezindlu okungenani amahora angu-24.

"Inkantolo inikeze umnyango ithuba lokuphendula isicelo sale khomishana nokuzolalelwa ngoLwesibili," esho.

UMnyango wezeziNdlu noHulumeni baseKhaya eGauteng uqale ngoLwesine ukudiliza lezi zindlu ekuthiwa zakhiwa emhlabeni okumele kwakhiwe kuwona izindlu zomxhaso.

Sekucekelwe phansi izindlu ezilinganiselwa ku-50 njengoba kulindeleke ukuthi kudulizwe ezinye ezingu-113.

Kusolakala ukuthi kukhona abantu abadayisa iziza ngokungemthetho, banikeza abathengi amatayitela angumkokotelo.

NgoMsombuluko, izakhamuzi zakule ndawo zigcwale izitaladi ezingenela eLenasia zazivala ngamathayi nezimbokodo ngoMsombuluko, ziphikisana nalesi senzo sikahulumeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...