Inkantolo imdabukele owabulala unkosikazi oqomile
2013-02-07 16:46
Johannesburg - Uzothothoza ejele iminyaka eyishumu kuphela ujele wasePollsmoor Prison, owalutha unkosikazi wakhe ayengasahlali naye, ethi akafike uzomupha imali, wase embulala.
UJohan Dietricht uvele ngaphambi kweNkantolo eNkulu eWestern Cape , ngaphambi kukaJaji uNape Dolamo, othe lona ufanelwe ukuhlala impilo yakhe yonke ejele.
Ngemuva kokuhlaziywa kwecala ugcine enikwa iminyaka eyishumi kuphela.
UDietricht utshele inkantolo ukuthi wabe eshadile kumnandi, kwaze kwaba unkosikazi uthola ishende emsebenzini.
"Wayengunkami ehlala ekhaya engasebenzi, wanele wathola umsebenzi waqoma umphathi wakhe.”
Utshele inkantolo ukuthi umkakhe wayedlalisana nomqashi wakhe, naye ekhona, wathi kokunye babeke bahambe impelasonto yonke kanti kukhona isikhathi ababamba khona embhedeni.
Mhlaka-21 Agasti ummangalelwa waphuza amaphilisi okulwa nokhwantalala wase efonela umkakhe ethi abahlangane ejele asebenzela kulo.
Wabe esemdubula embulala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).