Inkantolo ichitha othi waphoqwa ebufakazini

2013-01-31 14:02

Durban - Inkantolo eNkulu eThekwini inqume yathi akaphoqwanga ebufakazini umsolwa obhekene necala lokuqolwa komshwalense kanye nelokubulawa kwendoda eyagxingxwa ngotshwala yase igwazwa.

UJaji uFikile Mokgohloa uchithe ukusho kukaSibusiso Buthelezi, othe wethula ubufakazi ekade ephoqwa futhi wayesaba njengoba abethulela egumbini elabe linomhlubulo wenyoka.

UButhelezi, Maryanne Dimba kanye noLinda Mdluli, babhekene namacala angu-49 ahlanganisa awokusebenzisa budedengu imali, ukukhwabanisa, ukweba kanye nokubulala.

Laba kuthiwa babekwazi ukuthola omazisi babantu bese beqola izinkampani zomshwalense, besebenzisa imininingwane yabantu.

Kuthiwa babebamba abantu bese bebabulala, bakhiphe izimali ezinkampanini zomshwalense.

Abantu abayisikhombisa bagwazwa kwathi oyedwa wadutshulwa, konke lokhu kwenzeka phakathi kuka-2005 no-2008.

UMokgohloa uthi akulona iqiniso ukuthi uButhelezi waphoqwa ekukhipheni ubufakazi.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...