Ingozi ibulale umdlali weBulls

2012-11-05 10:31

Johannesburg - Umdlali osemncane weBlue Bulls nobebukeka enekusasa eliqhakazile kwezebhola lombhoxo kanye nabanye abasolwa abathathu abasolwa ngokuphanga bashonile ngesikhathi imoto abebebaleka ngayo ishayisana neyalo mdlali, kusho umbiko ngoMsombuluko.

UNico van Vuuren, obedlala endaweni ye-lock ne-hooker eqenjini labangaphansi kweminyaka engu-21 leBulls, ushonele ezimpambanweni zomgwaqo ngaseKomatipoort eMpumalanga ngoMgqibelo ntambama, ngemuva kwemizuzwana abesilisa abathathu bephange isitolo senyama, kubike iBeeld.

Imoto ka-Van Vuuren, iToyota Hi-Rider emhlophe ishayisane neyabaphangi iNissan 1400, bonke bashonele endaweni yesigameko, ngokisho kukaJoseph Mabuza, okhulumela uMnyango wezokuThutha eMpumalanga.

"UNico akazi nokuthi ubulawe yini," kusho ubaba wakhe etshela iBeeld. "Indodana yami ishonile, akukho ekwenzile obekungaze kwenze ifanelwe ukufa. Kubuhlungu, bekungamele kwenzeke kanje."

Okhulumela amaphoyisa uColonel Leonard Hlathi ukuqinisekisile lokhu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...