Ingoduso kwelokubulala umyeni

2013-01-25 10:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ibhekene necala ingoduso yendoda eyabulawa kanye nomfundisi webandla iDutch Reformed Church, ababulawa eHarrismith, ngonyaka owedlule.

UThea Brits usevele kabili ngaphambi kwenkantolo, kulandela ukuvulelwa icala umndeni waloyo obezokuba ngumyeni wakhe, uGerhard Vermeulen.

Iphephandaba iBeeld lithi umsolwa uzobuyela ngaphambi kwenkantolo mhlaka-8 Febhuwari.

Umsolwa kuthiwa wakhipha imali engu-R1 000, ewukhipha ekhadini likaVermeulen, ngemuva kokuthi esebulewe nobaba wakhe umsolwa, kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Mmako Mophiring

Ngenyanga kaNovemba, uMartin Brits noVermeulen bahlaselwa ngembazo baphinde badutshulwa babulawa, lokhu kuthiwa kwenziwa ngumfowabo kaThea, uMartin, 28, ekanye no-Elliot Mhlambi, 41.

Umama kaThea, wathola ukulimala kanti namanje usagcinwe esibhedlela eBloemfontein.

Umbiko wephephandaba uthi uMartin Brits junior noMhlambi, bazovela ngaphambi kwenkantolo ngoLwesihlanu.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubulawe abe-ANC eKZN

2014-04-24 10:09
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...