Ingase ivalwe iMc Cord Hospital
2013-01-21 14:04
Duban - Isibhedlela saseThekwini esineminyaka engu-103 saba khona, singase sime ukusebenza kulandela ukuthi uhulumeni emile ekusixhaseni ngezimali - lokhu kusho ukulahleka kwemisebenzi yabantu abalinganiselwa ku-424.
Abasebenzi esibhedlela iMcCord Hospital, eKwaZulu-Natal, banikezwe izincwadi ezibazisayo ukuthi isibhedlela singase sivale ngenyanga kaMashi, kusho umbiko weSunday Times.
Isitatimende esikhishwe yi-website yesibhedlela, isikhulu uKevin
Smith uthe isibhedlela sitshelwe ukuthi angeke sisaluthola uxhaso lukahulumeni.
"Ngenxa yalesi sizathu iMcCord
izolahlekelwa yimvume yokusebenza njengesibhedlela esithola uxhaso lukahulumeni," esho.
Umbiko wangoMsombuluko, wephephandaba i
Mercury, uthi isibhedlela besithola uxhaso luka-R89.3 million, eMnyangweni wezeMpilo.
Umbiko uthi isibhedlela lesi singesinye sezibhedlela ezinkulu esifundazweni, sinemibhede engu-140, nabasebenzi abangu-400, kunjalo sinesikhungo esikhulu esihlinzeka abantu ngemishanguzo yegciwane lengculazi.
Uma sigcina sivala isibhedlela, iziguli zizodluliselwa ezibhedlela zikahulumeni.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni uS'bongiseni Dhlomo, walile ukuphawula ngesikhathi ebuzwa yiphephandaba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA