Ingane 'yaphoqwa ukuba idle indle yayo'

2014-05-19 08:07

Johannesburg - Owesilisa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela eBeaufort West ngezinsolo ezithi uhlukumeze indodana yentombi yakhe, eneminyaka emibili ubudala, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Lo msolwa, 28, uboshwe ngoMgqibelo ngemuva kokuthi isiteshi somsakazo womphakathi sihlabe ikhwelo ngokufuniswa yena, kusho uCaptain Malcolm Pojie.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi lo wesilisa anqabela le ngane nentombi yakhe ukuba baphume endlini abahlala kuyo eKhanya Street, eMandela Square, kusukela ekuseni kwaze kwaba ngu-14:45, nalapho lo wesifazane akwazi khona ukweqa.

“Umama uthi isoka lakhe lalishaya ngezimpama liphinde likhahlele ingane ebusweni, lashisa izinyawo zayo ngamanzi abilayo, labeka isitini esifubeni sengane laphinde laphoqa ingane ukuba idle indle yayo," kusho uPojie.

Baze balekelelwa ngomakhelwane abezwa isililo base behlenga ingane, owesilisa waphuma ngesamagundane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...