Ingane yadlwengulwa ngenyoka ephilayo

2012-11-28 12:03

Bloemfontein - Indoda yimbe yaseBloemfontein isigwetshwe iminyaka engu-20 ithothoza ezikhindini ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula ingane eneminyaka emithathu ubudala, eyayidlwengula ngenyoka ephilayo.

Imantshi enkantolo yesifunda uJan Greyvenstein, uthe useke waqula amacala ocansi angaphezu kuka-2 000 kodwa kungokokuqala ngqa ukuthi abhekane necala lalolu hlobo, kubika iphephandaba iVolksblad.

“Yini esuke iqhubeka ekhanda lomuntu aze enze into enjena, angiqondi okwangempela. Lolu wuhlobo lwenkohlakao engaqondeki."

Inkantolo ilalele ukuthi uMartin Jozana, 27, wayinukubeza kanjani ingane ngenyoka, mhlaka-31 Okthoba, uJozana wazama ukudayisa le nyoka nokho wabuya wathatha ingane waya nayo ekusitheleni wafke wayihlukumeza ngayo.

Umama wengane waqaphela ukuthi iyopha, futhi iyakhala, yase ikhomba uJozana.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...