Ingane ena-5 ibibuka kubulawa unina
2013-01-02 13:02
Johannesburg - Umfanyana oneminyaka emihlanu ubudala uzibonele ngawakhe ngesikhathi uyise eshaya, ephinda edubula ebulala unina, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
"Umama womfana, oneminyaka engu-26 ubudala, ube nengxabano nobaba wengane, wase eqala emshaya ngaphambi kokuthi amdubule ambulale phambi kwengane,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Leonard Hlathi.
Akwazeki ukuthi zibangeni lezi zithandani.
Ngemuva kokubulawa kukamama, ingane ibaleke yaya kwagogo wayo yafike yasho ekubonile.
"Umndeni wowesifazane uphuthume uthi uyobheka, kwathi usendleleni wezwa ukuqhuma kwesibhamu. Bafice owesilisa naye esezibulele.”
Indoda ishonele endaweni yesehlakalo kwathi owesifazane washona ngemuva kwamahora engeniswe esibhedlela.
UHlathi uyale abantu wathi kumele bafunde ukumelana nezinkinga.
"Uma uzibulala ushiya abantu nosizi. Lokhu okubonwe yingane kusazohlala iminyaka ekhanda layo.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).