Indodana ingqongqise uyise
2012-12-19 14:49
Johannesburg - Owesilisa, 70, ushiswe walimala kabi, nokusolwa indodana yakhe eMqanduli, ngaseMthatha, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
“Indoda le itholwe ngomakhelwane ishe kabi yase iyiswa esibhedlela eMthatha nalapho ifike yashonela khona,” kusho uMajor Zamukulungisa
Jozana.
Indodana yaleli khehla kuthiwa ibihlala ngokubhaxabula uyise njengoba amaphoyisa abevele eyifuna.
Kuthiwa lokhu kuhlasela kwenzeke ngoLwesihlanu ngabo-14:00.
Kwesinye isigameko, kudlwengulwe owesifazane, 50, Kwanxele ngaseMthatha, ebusuku ngoLwesihlanu.
“Kusolakala ukuthi isisulu besiphuma emcimbini ngesikhathi sihlangabezana nale ngwadla."
Kuboshwe owesilisa, 32, ngalesi sigameko.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA