'Indoda yembazo' izoya eFort Napier

2011-06-23 14:40

Durban - Abangani nezihlobo zezisulu bathi ukubambezeleka kokuqhubeka kwecala likaJoseph Ntshongwana kutshengisa ukuthi kunetiye.

Lo owayengumdlali wamaBlue Bulls uzongeniswa esibhedlela sabagula ngengqondo eMgungundlovu, kulalele inkantolo ngoLwesine.

UNtshongwana, 33, uvele kancane eNkantolo yeMantshi eThekwini ngezinsolo zokuklabha abantu abathathu ngembazo ebabulala eLamontville ngasekuqaleni kwalo nyaka.

Inkantolo elalele ukuthi uNtshongwana uzongeniswa eFort Napier Hospital ngoLwesihlanu nalapho ezohlolwa khona udokotela wezengqondo osebenzela uMbuso, nozokwethula umbiko enkantolo ngo-Agasti 4.

Lokhu kuza emuva kokuthi uListon Ntshongwana, ubaba kaJoseph, etshele inkantolo ukuthi indodana yakhe inenkinga emqondweni, nokuyinkinga eyaqala ukubonakala eminyakeni emibili eyedlule.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Tstorms late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-24°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...