Indoda yaseSoweto iboshelwe ukukhwabanisa
2012-10-31 10:10
Johannesburg - Indoda yaseSoweto iboshelwe ukukhwabanisa eMofolo North, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesithathu.
Amaphoyisa, alunywe indlebe, aye emzini wale ndoda, 42, nalapho kutholakale khona izitatimende zasemabhange zabanye abantu, omazisi, namanye amaphepha.
Akakwazanga ukuchaza ukuthi uzithole kanjani zonke lezi zinto, kusho uWarrant Officer Kay Makhubele.
Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngamacala okukhwabanisa nokutholakala namaphepha ngokungekho emthethweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA