Indoda yase-KZN ihlabene no-R6.5m kuLotto

2013-02-06 14:04

Durban - Owesilisa waKwaZulu-Natal obeziphilisa ngo-R750 ngenyanga, usephenduke usozigidi ngemuva kokuwina iLotto.

Lo wesilisa oneminyaka engu-54 ubudala, uwine imali engafinyelela ku-R6.5 million ngemuva kokuthenga ithikithi lika-R20, lezinombolo ezazizokhishwa ngoJanuwari 19.

Okhulumela inkampani yakwaGidani eyengamele iLotto kuzwelonke, uThembi Tulwana, usho kanje esitatimendeni ngoLwesithathu.

"Ngesikhathi eya kobheka izinombolo eziwinile esitolo esiseduzane, uthole ukuthi izinombolo zakhe ziyafana nalezo ezitonyuliwe… ube eselifihla ithikithi lakhe esicathulweni.”

Lo sozigidi omusha, uthi umuntu wokuqala ambikele lolu daba umzala wakhe.

Nakuba eseyisigwili manje, kodwa lo mlisa utshele izikhulu zeLotto ukuthi usazoziphilela ngendlela ejwayelekile engasibona ubukhazikhazi, bese akhela izingane zakhe umuzi.

"Uzothatha izingane zakhe, ezihlala eKZN, ziyohlala naye eGoli, ukuze zifunde ezikoleni eziphambili,” kusho uTulwana.

Omunye naye owine iLotto akakaphumeli obala okwamanje.

Izinombolo ezawina, u-15, 23, 28, 29, 49 kanti ibhonasi kwaba ngu-2.

Izinombolo ze-Lotto Plus zona ngu-13, 18, 23, 27, 32, 46 kanti ibhonasi kwaba ngu-22.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...