Indoda izibulale nonkosikazi nentombi

2013-02-18 14:03

Durban - Kusaphele izinsuku ezimbili kuphela kudlule usuku lwezithandani, indoda yaseWestville, ekukholakala ukuthi inenkinga yezimali, isidubule yabulala unkosikazi nentombi.

Indoda kuthiwa yenze lesi sehlakalo phambi kwamadodakazi ayo amabili.

UMzonjani Sithole, 52, ube nengxabano nonkosikazi ngoMgqibelo, wase emdubula, wadubula nentombi ngaphambi kokuthi abhekise umbhobho wesibhamu ngakuye naye azingqokloze, kusho ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa.

Unkosikazi kaSithole nguFisani Sithole, 42, kanti intombi nguZinhle Kunene, 35.

Akukho okutheni osekuhleli obala mayelana nalolu daba, imibiko yabezindaba ithi abashadikazi bebephezu kwesehlukaniso.

Umndeni unqabile ukuphumela obala ngalolu daba.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Jay Naicker uthi kuyaphenywa ngalokhu kubulala.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Akamukelekile kuleli u-TB Joshua - ANCYL

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...