Indoda ishumpuke ingalo engozini eKapa

2012-11-09 16:40
Yabelani Shicilela

cape Town - Umuntu ohamba ngezinyawo ulimale kambi waze washumpuka ingalo yangakwesokudla ngesikhathi ebambeka ngaphansi kweloli eBrackenfell, eKapa, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.

"Ukuthi ingozi yenzeke kanjani okwamanje akukazeki, kukholakala ukuthi indoda lena elimele ibizama ukuthatha imali ebisemotweni ngesikhathi ikhukhulwa yiloli indawo okungenani engamamitha amabili," kusho okhulumela abakwa-ER24 u-Andre Visser.

Kube sekuphuma elinye lamasondo eloli lashaya ingalo, lona ungeniswe esibhedlela iTygerberg, esezinhlungwini ezinzima.

Kudingakale ukuthi kusetshenziswe izinsimbi zokutakula ukususa iloli phezu kwalona.




 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...